Home Latest News Siphethwe ngezincomo ezibalulekile iSigcawu esimaqondana naMakhono Afanele Kuhulumeni

Siphethwe ngezincomo ezibalulekile iSigcawu esimaqondana naMakhono Afanele Kuhulumeni

178
0

Luvalwe ngegiya eliphezulu uhlelo ngokwezinqumo ezithathiwe ngemuva kwezinsuku ezimbili zokucacisa ngemithelela yamasu kanye nokusebenza koHlaka Lukazwelonke olubhekele Amakhono Afanele Kuhulumeni. Lokhu kuhlanganisa nesidingo esiphuthumayo sokusungula uhlaka olukhulu lwababambiqhaza ukuze kuqinisekiswe ukuthi imibono evele ngesikhathi kuxoxiswana iqaliswa ukusebenza ezinyangeni eziyisishiyagalolunye ezizayo ngaphambi kokuphela kwesikhathi sokuphatha ku-2024.

Lesi sigcawu esimaqondana noHlaka Lukazwelonke olubheke Amakhono Afanele Kuhulumeni siyisiphakamiso seKhomishana Yezemisebenzi Bahulumeni (i-PSC) ngokubambisana noMnyango Wezokuphathwa Kwezabasebenzi Bahulumeni (DPSA), yi-National School of Government (i-NSG) kanye neNhlangano Yezizwe ebhekele Ukuthuthukiswa Kwezinhlelo.

Uhlelo lokusebenza

Phakathi kwemiphumela ebilindelekile kulesi sigcawu bekungukuhlinzeka ngesifundo sokuzokwenzeka noma “ukufundisa ngoshintsho” oluzosekela lokho okuzokwenzeka ngenhloso yokufeza izibopho zalolu Hlaka. Okubaluleke kakhulu ukuthi, lesi sigcawu bekumele siqhamuke nohlelo oluphelele lokusebenza ukuze kuqinisekiswe ukuthi lokhu kuhlangana akuhlelelwe “ukuzoxoxa nje kuphela”. Lapha bekufanele kuhlonzwe izindlela ezibalulekile zokuqaliswa koHlaka lwamakhono afanele esikhathini esifushane, esimaphakathi kanye nesikhathi eside.

Kuye kwahlukaniswa ngokwamakhomishana amathathu abekelwa umsebenzi wokuhlanganisa kanye nokubeka umbono ngokwenkulumo yosuku lokuqala lwalesi sigcawu, ikakhulu ekubhekeni imithelela yokuPhathwa Koshintsho, Amakhono Ezikhungo Zokusebenza kanye Nokuvuselelwa Kukahulumeni ukuze kuqaliswe ukusebenza ngokuphelele kwalolu Hlaka lwamakhono afanele.

Ukuphathwa Koshintsho

Ikhomishana ebibhekele Ukuphathwa Koshintsho ayibanga nakungabaza ngokuthi yini into yokuqala ebalulekile, yancoma ukuba kwenziwe umkhankaso kazwelonke wokwazisa ngalolu Hlaka ngendlela efanayo nangomfutho ofanayo nalowo weKhomishana Yokhetho Ezimele (i-IEC) esiqalile ngamalungiselelo okhetho lukazwelonke. Le Khomishana iphinde yancoma ukuthi lo mkhankaso uholwe uMnyango Wezokuphathwa Kwezokuxhumana Nolwazi Kuhulumeni (i-GCIS) kanye neHhovisi likaMengameli ukuze kufezeke ukuqaliswa kokusebenza koHlaka Lukazwelonke olubhekele Amakhono Afanele Kuhulumeni.

Amakhono Ezikhungo Zokusebenza

IKhomishana ebibhekele Amakhono Ezikhungo Zokusebenza yona yenze izincomo zokuthi kunesidingo sokuthi kuhlolwe izindlela zokugqugquzela ukuhlonzwa kwamakhono kanye nokwabelana ngamakhono Kuhulumeni. Le Khomishana, igcizelele umehluko wezidingo zamakhono phakathi kwezomuntu ngamunye kanye nezesikhungo, nokuzodinga ukuthi kwenziwe okuthile ngakho kunokuba lokhu kubukwe kuhlanganisiwe ngobubanzi bakho. Ngaphezu kwalokho, le Khomishana income kakhulu imibono yeKhomishana Yokuphathwa Koshintsho, yagcizelela “ukuba kuvunyelwane ngolimi okufanele lusetshenziswe ekusabalaliseni lolu Hlaka” ukuze sibe nenhloso efanayo nencomekayo.

Ukuvuselelwa Kukahulumeni

Okokugcina, iKhomishana Yezabasebenzi Bahulumeni iye yavula isethulo sayo, yaqinisekisa ukuthi kumele uma kuphela ihlandla lokuphatha okungokwesithupha lube seluphothuliwe uhlelo lwamanje lomthetho oshayiwe oluzoba nezichibiyelo ngaphansi koMthetho Wezabasebenzi Bahulumeni, uMthetho Wokuphathwa Kwemisebenzi Kahulumeni kanye noMthetho Wekhomishana Yezabasebenzi Bahulumeni. Ikhomishana iyakuphikisa ukuthi izinguquko ezihlongozwayo zeMithetho ngaphansi komthetho oshayiwe zikhomba impumelelo esheshayo ekuvuselelweni Kukahulumeni. Nakuba iMigomo ye-Batho Pele kanye noSomqulu Wezabasebenzi Bahulumeni kuyizinqubomgomo eziyisiqondiso esibalulekile, iKhomishana ebhekele Ukuvuselelwa Kukahulumeni iphakamise ukuthi kunesidingo sokuthathwa kwezinyathelo ezinqala ekufakeni lezi zinhlelo ezikhungweni zezokusebenza ngokuhambisana noHlaka olubhekele Amakhono Afanele ukuze kuqinisekiswe “iqophelo eliphezulu labasebenzi bahulumeni” ngokunjalo nemiphumela yokungagcinwa kwemiyalelo yezinkambiso kanye nezilinganiso eziyisisekelo.

Izincomo ezenziwa ngesikhathi sekugoqwa lesi sigcawu sezinsuku ezimbili bezinanela enkulumweni yosuku kaNgqongqoshe Wezokuphathwa Kwezabasebenzi Bahulumeni, uNkk. Noxolo Kiviet, ngesikhathi egcizelela ukuthi kunesidingo sokucaciswa kweqhaza kanye nezibopho zababambiqhaza ekuqalisweni kokusebenza koHlaka olubhekele Amakhono Afanele kanjalo nesicelo sokusungulwa kohlelo oluphelele lokusebenza esikhathini esifushane, esimaphakathi kanye nesikhathi eside.